У нас вы можете посмотреть бесплатно BHODLA NDODA 😭😭😭Episode 02 | Ngalolo suku kwafika ukuthi angidonse umese ngimgqume 😭😭😭 или скачать в максимальном доступном качестве, видео которое было загружено на ютуб. Для загрузки выберите вариант из формы ниже:
Если кнопки скачивания не
загрузились
НАЖМИТЕ ЗДЕСЬ или обновите страницу
Если возникают проблемы со скачиванием видео, пожалуйста напишите в поддержку по адресу внизу
страницы.
Спасибо за использование сервиса ClipSaver.ru
Bhodla Ndoda Talk Show entsha etholakala kwi Select Africa TV, eyakhelwe ukuba ipulatifomu evulekile lapho amadoda ekwazi khona ukukhuluma, ukuveza imizwa yabo, kanye nokwabelana ngezinto abazibhekana nazo nsuku zonke. Siyazi ukuthi amadoda amaningi ahlupheka buthule, besindwa yizinkinga zobudlelwano, ezezimali, ingcindezi yomphakathi, kanye nezindaba zomndeni nezomsebenzi, kodwa bengenandawo yokuthi bakhulume ngokukhululekile. Lapha ku-Bhodla Ndoda, sithi "Asibhodle Ndoda! Asithethe lendaba!". Siphula uthuli lwezinkolelo zokuthi amadoda akumele akhombise ubuthakathaka noma ukukhathazeka. Sifuna ukudala indawo ephephile nenesizotha lapho wonke umuntu ezwa ukuthi izwi lakhe liyabaluleka. Sizoxoxa ngezihloko ezifana nokuphathwa kabi ebudlelwaneni, ukulahlekelwa umsebenzi, izikweletu, ukukhuliswa njengendoda, impilo yengqondo, ukungabi nazo izinsiza, nezinye izinselelo ezinzima ezibhekene namadoda anamuhla. Uma nawe uyindoda osuke usathi, "Angisakwazi ukuthula. Sekuyisikhathi sokukhuluma," le yindawo yakho. Bhodla Ndoda – Asithethe lendaba, siphule ukuthula! Ungasithinta ku 072 866 5371 noma uthumele email : [email protected]