У нас вы можете посмотреть бесплатно ISPHITHIPHITHI SASEBHAMBAYI short film. или скачать в максимальном доступном качестве, видео которое было загружено на ютуб. Для загрузки выберите вариант из формы ниже:
Если кнопки скачивания не
загрузились
НАЖМИТЕ ЗДЕСЬ или обновите страницу
Если возникают проблемы со скачиванием видео, пожалуйста напишите в поддержку по адресу внизу
страницы.
Спасибо за использование сервиса ClipSaver.ru
ISPHITHIPHITHI SASEBHAMBAYI Isizathu sesihloko [Isihloko sichaza indawo lapho umlingiswa omkhulu akhulele khona okuyindawo la ahlala khona. Umlingiswa omkhulu ukhulele endaweni yasebhambayi .] Ukuchazwa kwendawo [Indawo isebhambayi , impilo nhlalo yasebhambayi akuphiliswene kahle , kuyindawo lapho enabantu abaningi kodwa ububanzi bayo buncane , kuyindawo edelelekile ngenxa yezimo nezigameko ezenzeka kuyona .kuyindawo lapho abantu abaningi beyithatha njengendawo enganalo ikusasa futhi enganakho ukubusiseka abanye baze bethi indawo iyisihogo sendawo .Umlingiswa omkhulu uvimbeleka kaningi kwimpumelelo yakhe ngenxa yokuthi uhlala ebhambayi.] Ukuchazwa kwegama isiphithiphithi [Isiphithiphithi kuchazwa inani labantu abahlala endaweni encane edala ukuphithizela . Ubuningi babantu abanezindlela nezigqondo ezihlukahlukene ezidala isiphithiphithi nokuxokozela . Umlingiswa omkhulu uzithola ebanezinkinga Kanye nokuxokozela nesiphithiphithi sabantu esenza izindlela zakhe zokuphumelela kungabi impumelelo.] UKUFIQWA KWEMUVI [Umlingiswa omkhulu ubenza ibanga lukugcina esikoleni (grade 12) ngexa yokuzimisela nokungalahli ithemba ukwazile ukuphasa .Uma umdlalo uqala ukuveza umlingiswa omkhulu imuveza lapho khona ejabulile ngokuphuma kwemuphumela ukuthi uphasile uphume ephepheni injabulo egcwele ebusweni. Unabangani abaseduze naye abaziwa ngisho nakubo okungu Snethemba Kanye nombali ongaphinde usho ukuthi bangomakhelwane ngexa yokuthi basondelene ngokokuhlala . Umlingiswa omkhulu ubhekana neziqinamba ezihlukahlukene ngexa yokuthi uhlala endaweni yase ebhambayi. Umlingiswa omkhulu ubhekana nekinga enkulu kunezinye izikinga ekuyona emukhuba kakhulu Ile yokuthi athole isikole lapho azafundela khona iziquzakhe zemfundo ephakeme . Umlingiswa omkhulu uba nokukhathazeka Uma engatholi isikole okudale ukuthi agcine esedideka engazi ukuthi athathe ini ahlanganise Nani. Umlingiswa omkhulu ulahlekiswa abangani bakhe ukuba anake ezinye izinto Uma isikole engasitholi, okuba umzali wakhe ekhathazekile ngalokho ngexayokuthi indawo ahlala kuyo akayithandi ngoba yimbi nesimo senhlalo yimbi engagcine esenza noma enze okubhedayo . Umzali okungu Mamuzizi uyena ozala umlingiswa omkhulu uzama konke okusemandleni ukuthi umntanawakhe athole isikole uyahamba efuna isikole semfundo ephakeme ukuthi athole isikole , lapho naye ebhekane neziqinamba. Akalilahlanga ithemba azame aze amutholele isikole ethekwini lapho azofunda khona umntanakhe . Umlingiswa omkhulu uyalalela ebese exebuka kubangani bakhe azithole esefunda iminyaka emine ebese eyathwala iziqu zakhe zokuba umhlengikazi wabantu abagulayo. Isphetho sakhe uthola ucingo oluphuma kwesinye isibhedlela esizimele simucela ukuba aphumelele ukuzoqeqeshwa ABALINGISWA ABAMQOKA YONELA MAMUZIZI SNETHEMBA MBALI MAMPINGA